Umnyango Wezobuciko Namasiko ngokuhlanganyela Nongqongqoshe beZwelonke kanye nama-MEC abanegunya lamasiko emhlanganweni wabo we-MINMEC ngo-Mashi ka-2004, bazikhethela indikimba ethi "Ukugubha Amagugu Esizwe Aphilayo ("Izinto Esiziphilayo") Onyakeni Weshumi Wentando Yeningi yethu".
Le ndikimba izokusetshenziswa eminyakeni emithathu ezayo iphelele ngo-Septemba ka-2007. Umnyango uhlose ukusebenzisa ngesu Inyanga Yamagugu Esizwe njengokokuqhuba umbono wesikhathi eside wokuqokelela, ukulondoloza, ukuvikela, ukuthuthukisa kanye nokusakaza/nokwaba amagugu esizwe aphilayo/amagugu esizwe osikompilo angaphatheki.
Kusemqoka ukuqaphela ukuthi loku imibhalo yenqubomgomo kanye nomthetho waseNingizimu Afrika evamise ukukubiza ngamagugu esizwe aphilayo, kumazwe ngamazwe (kwi-UNESCO) kubizwa amagugu esizwe osikompilo angaphatheki. Inkambiso entsha ithola ukwanda ngohlaka olusandukwenziwa Lwesivumelwano Sombuthano Wamazwe Ngamazwe Sokulonda amagugu esizwe osikompilo angaphatheki, lapho abaphaseli kanye nabasebenza ngamagugu esizwe beqala ukusebenzisa Amagugu Esizwe Aphilayo kanye Namagugu Esizwe Osikompilo Angaphatheki ngokuphambanisa. Uma umuntu othile ekhuluma ngamagugu esizwe aphilayo kuyaqondakala ukuthi ingxoxo iphathelene namagugu esizwe osikompilo angaphatheki kanye nangokuguquka.
Incazelo njengoba ifanekiswe Kumthetho Webandla Lamagugu Esizwe Kazwelonke (Umthetho Weno.-11 ka-1999) kanye Nomthetho Wemithombo Yamagugu Esizwe Kazwelonke (Umthetho Weno.- 25 ka-1999).
Nenqubo yokuphelele kwimvelo, umphakathi kanye nobuhlobo kwezenhlalonhle.
Ngenhloso yalesi Sivumelwano - "Amagugu Esizwe Osikompilo Angaphatheki" asho imikhuba, izifanekiso, ukusho, ulwazi, amakhono - kanye nezikhali, izinto, izisetshenziswa ezisemqoka zomlando kanye nezikhala zosikompilo ezihambisana nawo - okuyizona umphakathi, amaqembu kanye nakwezinye izindawo abantu abazazisa njengengxenye yamagugu esizwe osikompilo, adluliswa ukusuka esizukulwaneni ukuya kwesinye, loku kwakhiwa njalo yimiphakathi kanye namaqembu ngokubhekela indalo yawo, ukwenzelana kwawo nemvelo kanye nomlando wawo, futhi kuwanikeza ukuzazi kanye nokuqhubeka nempilo, ngaloko kuthuthukisa ukuhlonishwa kokwehluka ngamasiko kanye nokwazi ukudala komuntu. Ngenhloso yalesi Sivumelwano, ukubhekelwa kuzonikezwa kuphela kumagugu esizwe osikompilo angaphatheki njengoba kuhambisana nezikhali zamalungelo esintu okukhona njengezidingo zokuhloniphana phakathi kwemiphakathi, amaqembu kanye nabantu ngabanye kanye nokuthuthukiswa okuxhasiwe.
a Ubuciko bomlomo kanye nokusho, okufaka njengokusetshenziswayo kwamagugu esizwe osikompilo angaphatheki.
Izincazelo ezandulelayo (kokubili ngokulandela umthetho waseNingizimu Afrika kanye Nomthetho Wamazwe Ngamazwe) okusho izinto eziqishe zifane. Uhlelo oluvamile ubuciko bomlomo, ukwenza, izimo zenkonzo kanye nolwazi lwemvelo, umphakathi kanye nobuhlobo bezenhlalonhle. Lapho umuntu othile ekwazi ukubona umehluko, akuwona umehluko ngokuphathelene nokokwenza kodwa ngophathelene mezichasiselo zamazwi. Ngaloko ukusebenzisa le miqondo ngokuphambanisa njengoba kwenza AbaseNingizimu Afrika abaningi akuqukethe ukwephula umthetho okuthile kodwa ukuba khona kokhetho.
Amagugu Esizwe afana nanoma yisiphi isenzeko sobuntu aphathelene nesikhathi sokuphanga ubukhosi bamazwe ngamazwe nabakha ezweni okungelona lakubo. Bekuyilo futhi kuseyilo ulwazi lwempilo oluphilwayo lwemiphakathi enhlobonhlobo ezinkathini ezinqunyiwe zemilando enhlobonhlobo. Kuwulwazi lwempilo abanalo oluphelele; indlela ababhekana ngayo nokubelethwa, ukukhula, ukuba mdala, umshado, ukuguga kanye nokufa; indlela abagubha ngayo lezi zigaba zokuthuthuka komuntu, indlela ababhekana ngayo nobuphofu kanye nokuntuleka, indlela abakha ngayo iminotho yabo, nokuthi bakwakha kanjani ukusimama, ukuthi baphila kanjani neminye imiphakathi kanye nendawo yabo yemvelo, indlela abaxoxa ngayo izindaba zabo, indlela abacula baphinde basine ngayo njll.
Uhlobo lwamagugu esizwe esinawo namuhla yingxenye yamafa avela ohlangeni lobuntu obuvamile ukusuka esikhathini esingakhunjulwa. Amagugu esizwe aphilayo asukela kubuciko bomlomo, umlando owethulwa ngomlomo, izimo zenkonzo, izinhlelo zolwazi zendabuko ezilondiwe; eziye zaguquka futhi zasusa noma zafaka ubukhulu obusha ngenxa yokwenzelana njalo phakathi kwemiphakathi enhlobonhlobo yomhlaba eyayihlukaniswe ekuqaleni yisikhala kanye namabanga esikhathi. Loku kwenzelana kuphinde kwengezwa yinhlanganisela yezizwe zomhlaba ezilethwe ukuvela kokuxhumana ngocingo, ukwanda kokuhamba nokuvakashelwa futhi kwehlisa ibanga ngaphakathi kwemiphakathi enhlobonhlobo.
INingizimu Afrika imele isifanekiso esiphelele somphakathi oyinhlanganisela yezizwe eyakhiwe amagugu esizwe acebile futhi ahlukene - yingakho kunomqondo othi Yisizwe Esiwuthingo (i-Rainbow Nation). Ngakho-ke kufanelekile kuhulumeni ukwakha imvelo yokwethula kanye nombukiso wezinhlobonhlobo Zamagugu Aphilayo zamaqembu ezakhamuzi zonke. Loku kumele kwenzeke ngendlela eyeseka imiqondo yomphakathi ongabandlululi ngombala, nangobulili, nangobuliminingi kanye nangokuba masikoningi. Kumele kwenzeke futhi ngaphakathi kwengqikithi yokuzama ukuthuthukisa ukwahlukaniselana kolwazi lwempilo losikompilo ngaphakathi kwamaqembu osikompilo ngoba kungenxa yaloku kwahlukaniselana kanye nokwazisa okuphambaniselanayo kwamagugu esizwe osikompilo afanayo nahlukene esizofinyelela ngawo ukubuyisana kukazwelonke, ukwakha isizwe, kanye nokunamathelana kwenhlalonhle.
Kuzawufundisa wonke amaqembu osikompilo ukuhlukaniselana ulwazi ngokuguquguquka, okwenziwa ngamagugu abo esizwe aphilayo. Loku kungathatha isimo sokubheka zombili izimpawu zokwehlukana nokufana. Kuzawuba semqoka ukufunda ukuthi lawa masiko ahlangene ngokuphambanayo ukwakha amasiko avela emaqenjini angafani anesici saseNingizimu Afrika esiyingqayizivele.
Kuyinto enhle kakhulu ukuthi izinqubomgomo kanye nemithetho emiswe emuva kuka-1994 iphakamisa ukuvuselelwa kanye nokulondwa kwamagugu esizwe abo bonke baseNingizimu Afrika, kanye futhi nokuthuthukisa amasiko awo wonke amaqembu omphakathi wethu. Umthethosivivinywa ophathelene Nobuciko, Amasiko kanye Namagugu Esizwe kanye futhi nezigcino zawo okusho ukuthi Umthetho Webandla Lamagugu Esizwe Kazwelonke (Umthetho Weno.-11 ka-1999) kanye Nomthetho Wemithombo Yamagugu Esizwe Kazwelonke (Umthetho Weno.-25 ka-1999) uqukethe ubufakazi bombono owakhelwe ukufinyelela le nhloso.
Iminyango kahulumeni, izinhlangano okungezona ezikahulumeni, izinhlangano ezesekwa yimiphakathi kanye nabantu ngabanye yenze izikhwama zokulunganisa iziqalo ukulondoloza kanye nokwazisa amagugu esizwe aphilayo. Ngenkathi lezi zikhunjulwa futhi zinconywa, inqubo ehlanganisayo eholwa nguhulumeni kanye namasu aholwa ngumphakathi kuyadingeka ukuthuthukisa uhlelo olubanzi oluthumba imicabango yazo zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Uhlelo kumele luthonye ukuqoqwa kwezici zamagugu esizwe aphilayo bese luphetha ngokuthuthukisa izikhali zenqubomgomo kanye nomthetho ozidingekayo ukuze zivikeleke(kusibonakaliso sokuthengiselana/ukwenza kufane). Abacabi/amaqhawe/abachamuseli bamagugu esizwe aphilayo abakwazile noma kunzima ukugcina ulwazi oluyigugu kumele bakhonjwe bese benikeza ukwaziswa okufanele.
Ukugubha umkhosi wamagugu esizwe aphilayo weminyaka eyi-10 Yentando Yeningi.
Ukwakha indawo yengxoxo Yamagugu Esizwe ezonikeza ulwazi ngokuphathelene nawo kanye nangokuhambisana nokwakhiwa kwezinqubomgomo kanye nemithetho ngokulondolozwa, ukuvikelwa kanye nokuthuthukiswa Kokuyigugu Okuphilayo.
Ukujwayeza ukusetshenziswa kwamagugu esizwe njengesisetshenziswa sokwakha isizwe, ukubuyisana kukazwelonke, ukuzalwa kabusha kwemithetho yobuqotho, ukunamathelana kwezenhlalonhle kanye namaqondana nokwakhiwa kokuzazi ngobuzwe baseNingizimu Afrika.
Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zakhiwe ngamagugu esizwe osikompilo olwahlukene nolucebile. Ngumphakathi waseNingizimu Afrika lowo umnyango ofuna ukuwuvivisa ngokuphathelene Namagugu Esizwe Aphilayo. Kukhona umbono eNingizimu Afrika wokuthi Izinsuku Zikazwelonke sezisuke zaba wukulondolozwa kwesigaba somphakathi Sabantu Base-Afrika. Loku kuphikisana nokwakhiwa kwesizwe, ukubuyisana kanye nokunamathelana kwezenhlalonhle. Ukuxhumana kwethu kanye namasu okuthengisa kuzomele kucatshangisiswe ngendlela ezokwenza Izinsuku Zikazwelonke jikelele kanye nezinsuku zamagugu Esizwe ikakhulukazi zihehe umphakathi waseNingizimu Afrika ngobubanzi.
Umnyango Wezobuciko Namasiko uphakamisa inqubo eyehlukile Yenyanga yamagugu Esizwe kanye nezinhlelo Zosuku Lwamagugu Esizwe luka-2004. Siphakamisa ukumisa " Isehlakalo Sikazwelonke" esivame ukuba wumcimbi omkhulu e-Union Buildings noma kunoma yiyiphi indawo. Sicabanga ngenyanga Yamagugu Esizwe esezindaweni ezehlukile kanye Nosuku Lwamagugu Esizwe oluzokwenza Izifunda, Omasipalati, Iziphathimandla Zezizwe zibambe iqhaza elisemqoka enqubweni yokukhiphela phandle ukuze Inyanga Yamagugu Esizwe kanye Nosuku Lwamagugu Esizwe luthelele ngamandla ezingeni lomphakathi bese lukhipha amandla okuvivisa umphakathi waseNingizimu Afrika ngokuphathelene Namagugu Esizwe Aphilayo. Sethemba ukuthi sizosebenzisa lendikimba njengokokweqela ukufinyelela embonweni omkhulu wokuqokelela, ukulondoloza, ukuvikela kanye nokuthuthukisa Amagugu ethu Esizwe Aphilayo. Ngokusebenzisa le ndikimba, eminyakeni emihlanu ezayo, i-DAC yethemba ukuthi izawube imise inqubomgomo kanye nomthetho kanye nohlu olunamandla lwamagama nempahla kanye nenqolobane yemininingwane yako kokubili amagugu Esizwe Aphilayo kanye Namafa Esintu Aphilayo ngenxa yokuthi silahlekelwa okugcinwe ngakho cishe nsuku zonke.
Siphakamisa amaviki okuzobhekwana nawo azobeka phambili izimpawu ezehlukene Zamagugu Esizwe Aphilayo. Izinhlobonhlobo zababambi qhaza zizonikeza imininingwane yokuthi zihlele kanjani ukusebenzisa izinhlelo ezakhelwe ukwazisa Ngamagugu Esizwe Aphilayo. Umnyango Wezobuciko Namasiko uhlele ukwakha ukuhlanganyela ne-Nhlangano Yokusakaza YaseNingizimu Afrika (i-SABC) ukuqinisekisa ukuthi kukhona ukwaziswa okusezingeni eliphezulu ngokuphathelene nendikimba kanye nezinhlelo zayo inyanga yonke.
Ngokuhlanganyela ne-SABC, uhlu lwezingxoxo Oluphathelene Nemikhuba kanye Nolwazi Lwamasiko/lwendabuko zizawuhlelwa. Inhloso esemqoka kuzawuba ukusebenzisa amagugu esizwe awusikompilo ukunikela kokuyigugu kukazwelonke okufaka ukulwa neSandulela ngculazi/nengculazi(i-HIV/Aids), ukwehlisa ubugebengu, ukwakha ukuba NgowaseNingizimu Afrika uqobo kanye nobuqotho bokuzalwa kabusha.
Ukwenza umbono wemikhuba kanye nolwazi lwamasiko/lwendabuko luphile ngaphakathi kwentsha, kusemqoka ukukhomba ukuqondana kanye nobugugu bokusiza kwale mikhuba namuhla (Indlela intsha engazuza ngayo kuzona ngokuphathelene nenhlalonhle nezomnotho). Ngokwesibonelo, kuye kwabakhona ukwanda ekusetshenzisweni kwezimpahla zamasiko/kwemvunulo, ukusebenzisa izimo zobuso kanye nokuhlobisa, okufanele intsha ikuthathe njengethuba lokuzinikeza amandla kwezenhlalonhle nezomnotho.
AbaseNingizimu Afrika abazeka ngokuba namakhono ayingqalizivele kanye namasu okwenza emkhakheni wemikhuba kanye nolwazi lwamasiko /lwendabuko bazakumenyelwa e-SABC bese banikezwa ithuba lokutshela umphakathi wonke ngalolu lwazi. Ukugcizelela kuzokuba ukuthi lezi zimpawu zemikhuba kanye nolwazi lwamasiko kungasetshenziswa ukubhekana nokuyigunya kuzwelonke.
Umculo wosiko/wendabuko kanye nokusina okuhambisana nolwazi olwahlukene lwempilo kanye nemikhuba yamasiko/yasemasontweni efana nokuzalwa, isikhathi sokuthomba, umshado, ukufa njll.
Leli viki lizawube liphathelene nezinhlelo zokucula kanye nokusina ezingakhelwanga kuphela ukubonisa ukwenziwa komculo nokusina kodwa ezenzelwe ukuxhumanisa loku nezindaba ezithile, izehlakalo, imigidi noma izinkonzo zenkolo. Loku kuzawuba futhi yithuba lokubonisa ukuthi ukwenza umculo kanye nokusina kuvezwe kanjani ngokuhamba kwesikhathi emphakathini omasikoningi kanye nokuthi isiko ngalinye elihlukile lilithelele kanjani elinye ngokuhambisana (ukuthelelana kwamasiko). Okucatshangiwe okuzoqhubekisa umsebenzi kuzawuba ukugcizelela amagugu ethu eziswe afanayo angakwazi ukusebenza njengokokwakha isizwe kanye nokuhlanganisa ezenhlalonhle. Ngakho-ke kuzawuba semqoka ukuthola abadala ukusisiza ukufinyelela kulo mbono wokuqinisekisa ukuthi ukwazi ukudala kwabantu ekuqaleni kwezikhathi ezintsha zomlando ezahlukene kwenziwa ukuthi kugqame futhi kutholwa ukuthandwa yizizukulu zamanje nezizayo.
Okusemqoka kakhulu ukubamba iqhaza okubonakalayo kwemiphakathi yendawo ekubonisweni kokwenziwa komculo wendabuko kanye nokusina.
Kukhona umkhuba wokuthi kuhlotshaniswe ngokukhethayo imikhuba kanye nolwazi lwamasiko/lwendabuko nengxenye yethu yomphakathi yabantu AbaNsundu. Loku kususa umbono okungewona wokuthi amanye amaqembu omphakathi abakaze babe namasiko futhi abazange banqwamane nezinkinga eminye imiphakathi enamasiko eke yahlangabezana nazo. Ngokwesibonelo, ukukhiqizwa kokudla, amakhambi kanye nezinto zokugcobisa eminyakeni eyikhulu edlule kwehluke kakhulu endleleni okwenziwa ngayo esikhathini samanje. Lesi isenzeko esifanayo ngaphakathi kwawo wonke amaqembu emiphakathi futhi kukhona okuningi esingazisana ngako ngokuphathelene nokuthi okhokho bethu babezisebenzisa kanjani izindlela ezihlakaniphile zokulima, ukuthi babewenza kanjani umlilo, ukuthi babeyimba kanjani igolide kanye nedayimani, nokuthi babeyilondoloza kanjani imvelo, ukuthi babeyizalanisa/babeyifuya kanjani imfuyo, ukuthi babeliphatha kanjani igunya lokuba ngumuntu obelethisayo, ukuthi babezikhulisa kanjani izingane zabo, ukuthi babekusebenzisa kanjani okokugcoba ubuso kwamanje nokwesiko njll. Umnyango ungathanda njengesibonelo ukugxilisa ingxoxo yokuphathelene nokudla kwendabuko.
Ukudla kwabase-Afrika kwendabuko kunomsoco kakhulu futhi kuyathengeka uma kuqhathaniswa nokufana nokwasentshonalanga. Kodwa akukaze kubonelelwe ukubonisa kokubili amandla ako nokuba nomsoco kanye okomnotho.
Leli viki lizawunikelwa ekwenziweni kwamaprofayili nokuxoxisana nabantu ngabanye abenze ngokwedlulele ezinhlotsheni ezahlukene zamagugu esizwe aphilayo.
Sisebenzise umqondo wamayikoni ukuze senze lula umqondo Wamafa Angabantu Abaphilayo, okuyincazelo ye-UNESCO yawo lomqondo ofanayo.
fakele okuthile ngezenzo ezibonakalayo ekunikezeni amandla amasha kosikompulo lwamasiko olusengozini yokuthi lunganyamalala ngenxa yokungabi khona kokulondolozwa nokuvikelwa kwawo noma ngenxa yenguquko esheshayo, ukuyohlala emadolobheni kanye nokuditshaniswa kwamasiko.
bonise ukuba negunya kwabo njengendlela yokugcina uqobo lwabo kwezamasiko abantu kanye nemiphakathi yamasiko ephathekayo, ubumqoka babo njengemithombo yokugqugquzela kanye nendlela yokuhlanganisa abantu nemiphakathi kusondelane.
Umnyango Wezobuciko namasiko uzimisele ukubamba inkulumo mpendulwano kazwelonke ngokuphoqelelayo kukazwelonke okushiwo ngenhla. Inhloso esemqoka ukwenza lula loku okuphoqelelayo kuzakhamuzi zonke zaseNingizimu Afrika. Usuzimisele futhi ukuqhubeka uxoxe ngendlela iNingizimu Afrika engafinyelela kule miqondo ngayo.
Ekuboniseni ukukhumbula ubuhlakani obukhona ngaphakathi komphakathi waseNingizimuy Afrika, Umnyango, ngokusebenzisa okokuxhumana okusakazwayo, uzawubandakanya isizwe kuzingxoxo zokuthi izingxenye ezahlukene zamagugu esizwe aphilayo zingabonelelwa kanjani ukubhekana naloku okuphoqelelayo kukazwelonke.
Le nkulumo mpendulwano kazwelonke ngokuya ngobukhulu izawukwakha isisekelo sokuthuthukisa Inqubo Kazwelonke Yokuqokelela, Ukuvikela, Ukulondoloza kanye Nokukhuphula Izinga Lamagugu Esizwe Aphilayo/Amagugu Esizwe Osikompilo Angathinteki.
Ukuhlanganyela kuzokwenziwa ne-SABC ukuba ibe nochungechunge lwezingxoxo kuziteshi zomsakazo ngezinhlelo ezingenzeka ezifunwa ngumphakathi ukubeka ngaphambili umnyango kazwelonke ngokuphathelene nalolu daba.
Ukugujwa Kosuku Lwamagugu Esizwe kuzokwenziwa kuzifunda eziyisishiyagalolunye kanye nakomasipalati. Umnyango kazwelonke uzosebenzisa le nyanga njengendawo/ipulatifomu yokuqalisa amalungiselelo azokuba nomphumela Wesu Lokuqokelela, Ukulondoloza, Ukuvikela, Ukuthuthukisa kanye Nokusakaza Amagugu Esizwe Aphilayo.
